Feliqiniso SA

Feliqiniso SA

Share

13/11/2025

Big shout out to my newest top fans! Zandile Makhoba

24/09/2025

Shout out to my newest followers! Excited to have you onboard! Nokuzola Giqwa, Sphesihlerh Sihle Mkhize

15/09/2025

Feliqiniso's Profile

Sanibonani igama Lami ngingu Thokozani Mbatha ngikhulele eMnambithi eNdaweni yase Matiwaneskop ngafunda amabanga Aphansi e Cwembe primary School ngadlulela e Mangcengeza High School lapho engiphothule khona ibanga leshumi, bengaziwa kakhulu NGO Rah okuyigama elasuselwa egameni lika Baba u Rahman☺️leligama lika Rah lavela emva kokubonakala kwekhona ebenginalo ebholeni.

Njengomfa ngibe sengiyozama impilo encono eGoli nokho impilo eGoli ayibanga nzima ngaleyondlela ngokuhlangana nabantu ababanobuntu empilweni Yami.
eMatohweni ebengiwathola bebenokuzwa mangiziculela bese bekuthanda lokho baze bangigqugquzela ukuthi angiyovela e Studio ngoba bebekholelwa ekutheni kukhona isphiwo enginaso nangempela kwenzeka lokho ngaya e Studio lapho engafika ngalekhoda izingoma ezimbili okuyi Giya ne Koloyi 2020 ngaphansi kwegama lika Feliqiniso, kuthe mangibona ukuthi Abantu bayathokozela into engiyenzayo ngabuyela e Studio ngafika ngenza I album engabe sengiyikhipha 2021 esihloko esasithi Emagameni Amathathu
kule album sengike ngashiyelana inkundla "stage" namaciko asezingeni eliphezulu "Khuzani, Big Zulu, Menzi, Limit, Skweletu, Mzukulu, Mfezi, Ndoni, Quality, Mroza Fakude, DsD, and many more...
kuthe ngonyaka ka 2025 ngakhi I single Track esihloko esithi "Isimo sami" iyatholaka kuzozonke izitolo...

Engikucelayo kuyoyonke imizamo Yami ngicela I sapoti esizweni samabhinca naku NingiZimi Afrika yonkana...Besengicela ithuba kubahleli bemicimbi emincane nemikhulu.

ozithobayo uFeliqiniso
π‘­π’π’π’π’π’˜π’†π’“π’”.

Want your public figure to be the top-listed Public Figure in Ladysmith?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Telephone

Address

Ladysmith